Umfundi makasebenzise ulwazi aluqoqe emisebenzini 1-4 ukwenza lo msebenzi. Inkulumo ayihlelwe kahle (ngokwesihloko, isingeniso, ingqikithi nesiphetho). Inkulumo yakho mayibe imizuzu emi-3 kuya kwe-5. Kungasiza ukusebenzisa iPowerPoint® Presentation. Umfundi uzokhuluma ngokudla okumenza azizwe esekhaya (soul food). • Chaza uhlobo lokudla ozokhuluma ngalo - kulungiswa/kuphekwa kanjani, izithako, kudliwa nini, umsoco, izakhamzimba ozithola kuko - ukwelapha izifo ezithile. • Yini okuthandayo ngako - iphunga, ukunambitheka, ukubukeka. • Indlela loku kudla okuhlanganisa ngawo umndeni, ubani opheka loku kudla, kungani loko kudla kubalulekile kuwe omndeni wakhe. • Kukwenza kanjani ukuthi uzazi ukuthi ungubani (identity), nomlando wakho. • Ngabe kukhona yini ukudla okuvela kwezinye izizwe okucishe kufane nako. • Isizukulwane sikushintshe kanjani ukuthi kuhambisane nezikhathi nokuthi kuthandeke kubantu bezinye izilimi noma kuhambisane nezikhathi kanye nokunye okunembayo.